Kunxuswa abesilisa ukuthi bangakushalazeli ukuvakashela emasaluni bayokwenza ama-manicure
Image: Pinterest
IZIKHATHI sezishintshile, abantu besilisa bathi gede indaba yokusala ekhaya uma izintokazi ziyolungisa izinzipho emasaluni.
Kudala kwakwaziwa ukuthi umuntu wesilisa uyazinquma izinzipho azihlanzisize, agcobe izandla, kodwa manje, kushintshile ukudla epuletini.
Kunxuswa abesilisa ukuthi bangakushalazeli ukuvakashela emasaluni bayokwenza ama-manicure
Image: Pintrest
AbeNail Studio okuyisaluni eseBassonia, eGoli, bathi ukushintsha kwezikhathi kunikeze abantu besilisa ithuba lokuzinakekela, nokuzijabulisa.
"Siyaqaphela ukuthi ukuzilungisa kwabesilisa akugxilile kuphela kwesikubonayo ngamehlo enyama kodwa kusiza kakhulu ekukhuthazeni ukuzethemba, kwehlisa nokhwantalala nokucindezeleka okuyingxenye ebalulekile yenhlalakahle yomuntu."
Kunxuswa abesilisa ukuthi bangakushalazeli ukuvakashela emasaluni bayokwenza ama-manicure
Image: Pintrest
Nazi ezinye zezizathu ezenza kubaluleke ukuthi umuntu wesilisa avakashele esaluni ayokwenza i-manicure.
Ukuze ubukeke kahle: Uma sikhuluma iqiniso, abesifazane bakhangwa amadoda aziqhenyayo ngendlela ababukeka ngayo. Asikho isidingo sokwenza ngokweqile kodwa izinzipho ezinqunyiwe, ezihlanzekile nezigcotshiwe ziyisidingo esihle kunoma yimuphi umuntu wesilisa.
Izandla nezinyawo ezinempilo: Uma wenza i-manicure ne-pedicure usuke uzihlanzisisa, ukhuculula isikhumba esonakele esingase sidale izinkinga ezinyaweni futhi, kusiza ukunakekela izinzipho ezikhulela ngaphakathi zisheshe zikhishwe ukuqinisekisa ukuthi unezandla nezinyawo ezinempilo.
Ukwehlisa ukhwantalala: Inqubo ye-manicure ayigcini nje ngokusika nokugcoba izinzipho kuphela kodwa kuningi okwenziwayo. Ukuhlanzisisa izandla ngamanzi afudumele, nokuziwotawota kuyakwehlisa ukukhathala nokukhathazeka kukunike ithuba lokubuka impilo ngendlela ehlukile.
Ubuntofontofo: Esikhathini esiningi amadoda enza umsebenzi onzima wezandla futhi ama isikhathi eside, lokho kubangela izandla nezinyawo ezimahhadlahhadla kugcine sekunezindawo eziqinile ezandleni nasezinyaweni. Esaluni abagcini ngokukhuculula isikhumba esidala kodwa uyawotwawotwa ezandleni nasezinyaweni ukuze ube nesikhumba esithambile.
Kunxuswa abesilisa ukuthi bangakushalazeli ukuvakashela emasaluni bayokwenza ama-manicure
Image: Pintrest