UNksz Gloria Fikile Nxele
UWUSOLA ekhaya umkhuba umndeni wowesifazane wasoNgoye, eMpangeni, onguthisha okuthiwa unyamalale ngasekupheleni konyaka odlule eya kwinhlolokhono.
UNksz Gloria Fikile Nxele (54) kuthiwa wagcinwa umndeni wakhe ngoNovemva 22, nyakenye, eya kwinhlololwazi eyayizokuba ngo-10 ekuseni eNgalangala Primary, eSikhaleni.
Indodana yakhe, uMnuz Nduduzo Mzimela ilandisa Isolezwe, ithe kwenzeka okungajwayelekile ngesikhathi unina engabuyi kwinhlololwazi, ekubeni ebashayele ucingo wathi akulethwe isikhwama semali esinekhadi lempesheni likanina, uNkk Elsie Nxele (84).
“Okwasixaka ukuthi afone ngenombolo efihliwe (private number) ngesikhathi ethi akuthunyelwe ingane (16) ilethe lesi sikhwama ngaseNyuvesi yaseZululand (oNgoye). Wakucacisa ukuthi umuntu ozothatha isikhwama enganeni akuyena kodwa owesilisa, amchaza ukuthi ugqoke kanjani,” kusho uMzimela.
Uthe yathunyelwa ingane, yamnika lona wesilisa, okuthiwa wavele waphela emehlelweni, esiphithiphithini sezitshudeni zenyuvesi.
“Akabanga esabuya umama. Imali yempesheni kagogo yakhishwa yonke ezinsukwini ezimbalwa ezalandela,” kubeka uMzimela, othe babe sebekhethe ukulivala ikhadi lempesheni kagogo.
Uqhube wathi babe sebethola izingcingo zivela kowesilisa ongaziwa, ethi abamfakele u-R15 000 ukuze adedele uNksz Nxele.
“Kwathi uma ebona ukuthi kuqhubeka izinsuke singawufaki, washaya ucingo wathi umama sesiyomthola emfuleni okhona ngasoNgoye, iMangezi, umbulele wamfaka khona,” usho kanje, wathi amaphoyisa abheka lapho kodwa lutho ukumthola unina.
Ube eseveza ukuthi nakuba unina engenazitha kodwa sikhona isihlobo abasisolayo, esingazange siphatheke kahle, ugogo wakhe esikhomba indlela emva kokungaziphathi kahle ekhaya.
“Sinayo imizindlo yokuthi mhlawumbe ubengamenzakalisa umama, ukuze ugogo ezwe ubuhlungu ngoba nguye kuphela ingane yentombazane anayo,” usho kanjena.
Uthe ukhona umuntu olapha ngamanzi, unina agonyuluka kuye, eyolanda ichibi ngaphambi kwenhlololwazi, ukuthi nakuba ezoya kuyo kodwa ushiywa yigazi, wathi bagcina bethola nokuthi ayikho inhlololwazi eyayikhona eNgalangala ngosuku lwesigameko. Kodwa umthumbi wasebenzisa nje ulwazi analo lokuthi umgilwa kade ayefaka ama-CV ezikoleni ezehlukene.
Uveze ukuthi wayekade esefundise iminyaka eyevile kwengu-15, kodwa walahlekelwa umsebenzi ngo-2021, emva kokushaya kanzima ingane.
“Isitifiketi sakhe kasidatshulwanga, yikho ebesaqhubeka nokufaka ama-CV omsebenzi ezikoleni ezehlukene,” kusho uMzimela.
Uthe bayafisa owenze lokhu akhulule unina abuye eze ekhaya ngoba abakutholi ukuphumula njengoba engaziwa ukuthi ukuphi.
Uveze nokuthi kungenzeka ukuthi indaba inemali yefa lendodana kagogo, uMnuz Msawenkosi Nxele, eshone nyakenye, kade isebenza eTronox.
“Yize umalume eshone enezingane ezine kepha nogogo kukhona imadlama ayitholile ngoba umalume ubemondla. Manje sisola nokuthi umuntu othumbe umama ulobizela le mali encane etholwe wugogo,” kusho uMzimela
Uthe ngenxa yokuthunjwa kukanina impilo kayiseyinhle kuninakhulu, uhlukumezeke kakhulu. Uthe nezifo ezingamahlalakhona sezimi ngenhla kuye futhi usekhohlwa kakhulu kunakuqala.
Kushaye isikhathi sokushicilela amaphoyisa engakaphenduli ngalolu daba.
Related Topics: